Kungqongqiswe obesolwa ngokuthakatha

2013-02-08 07:24

Port Moresby - Owesifazane osolwa ngokuthakatha wokhelwe ngomlilo phakathi kwabantu abangamakhulu abebezobukela ePapua New Guinea, nokuyisigameko esingakaze sibonakale kulesi siqhingi, kusho amaphoyisa ngoLwesihlanu.

Ukubulawa ngesihluku kukaKepari Leniata, 20, sekuthole ukugxekwa okukhulu ngundunankulu wezwe.

ULeniata uhlubulwe wasala ngesudi yesele, washiswa ngensimbi, waboshwa izandla nezinyawo, wabhunyelwa ngophethiloli wabe esokhelwa ngomlilo elele engqumbeni yamathayi nezibi eMount Hagen, kusho okhulumela amaphoyisa uDominic Kakas.

Izibukeli zibe sezithatha izithombe, abanye bejabula ngokubulawa "komthakathi".

ULeniata ushiye ingane eyodwa.


 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter



- Sapa - AP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
1 isiphawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-24°C Sunny. Mild. Pta: 17-30°C Showers early. More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 13-24°C Passing showers. More sun than clouds. Mild. Bloem: 15-21°C Rain showers. Mostly cloudy. Mild.
Dbn: 18-20°C Numerous showers. Mostly cloudy. Cool. PE: 16-20°C Mostly cloudy. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...