Kungenzeka ukuthi kushone 21 emayini yaseColombia
2011-01-27 13:08
Sardinata - Kube nokuqhuma emayini yamalahle enyakatho mpumalanga yeColombia ngoLwesithathu, kushiya abantu ababalewa ema-21 besatshelwa ukuthi bashonile.
Kusatholakale izidumbu eziyi-14, kusho isikhulu sikamasipala waseSardinata u-Alvaro Silva etshela abezindaba bakwa-AFP nalapho ebeqinisekisa ukunyuka kwalesi sibalo sisuka ku-11.
Isikhungo sakuleliya lizwe esibhekele izimayini nomhlaba iColombian Institute of Geology and Mines, nethumele amathimba ezokutakula endaweni yesigameko, sithi mancane kakhulu amathe okuthi abavukuzi abayisikhombisa abasele bayaphila.
"Ngenxa yokubuka ububanzi benhlekelele, mancane amathemba okuthi basindile," kusho okhulumela i-Ingeominas, nebhekelela izimayini zaseColombia.
Ithimba labatakuli ngaphambilini litakule izidumbu eziyisithupha emayini yaseLa Preciosa.
Izikhulu zithi izidumbu zabanye abavukuzi abane zitholakele kanti owesilisa wesihlanu ushonele esibhedlela ngenxa yokulimala akutholile. Babalelwa kwabayisithupha abavukuzi abangeniswe esibhedlela ngenxa yokulimala.
Le mayini ke ivaliwe njengoba kusaqhubeka uphenyo.
- SAPA