Kungenzeka ukuthi kulimale nabase-Australia eNZ
2011-02-22 12:50
Sydney - UNdunankulu wase-Australia uJulia Gillard uthe izwe lakhe alizilungiselele ekutheni kungenzeka ukuthi kukhona abantu bakuleliya lizwe abashonile eNew Zealand, ngesikhathi kunokuzamazama komhlaba okudlule nemiphefumulo yabantu abangu-65.
UGillard uthe bangu-8,000 abantu base-Australia abaseCanterbury, nalapho kuhlasele khona ukuzamazama komhlaba edolobheni laseChristchurch ngoLwesibili, kuwisa amabhilidi.
"Kungenzeka ukuthi kube khona abantu base-Australia abalimele, abavalelekile noma abashonile kulesi sigameko," kusho undunankulu.
"Kumele sizilungiselele ngesimo esikanjalo."
Kuzothunyelwa amathimba amabili ezokutakula ukuze ayosiza eNew Zealand. UGillard uthi kuzothunyelwa nethimba lezempilo, njengoba ethi i-Australia iyabazi ubuhlungu obuzwiwa iNew Zealand kulandela ukuthi ihlaselwe isiphepho esinamandla nezikhukhula ezabulala inqwaba yabantu.
- Sapa - AFP