Kunconywe umshayeli wetekisi

2012-11-20 12:05

Singapore - Umshayeli wetekisi waseSingapore usethathwe njengeqhawe kulandela ukubuyisela emuva imali engu- R7,953 300 engukheshi ebishiywe yizithandani zaseThailand emotweni, njengoba zivakashele le ndawo.

USia Ka Tian, 70, uthukile ngesikhathi ebona imali igoqwe ngesikhwama esimnyama esihlalweni semoto esingemuva ngoMsombuluko ngemuva kokushiya lezi zithandani enxanxatheleni yezitolo.

"Ngesikhathi ngibona le mali, ngicabange ukuthi mhlawumbe kukhona okushaya amanzi, benginesiqiniseko ukuthi imali elana cishe ingu- $200,000," kusho iStraits Times icaphuna lo mshayeli wetekisi oneminyaka engu-31 ekule mboni yokushayela esho kanje.

Kodwa kuthe uma eseyihambisa enkampanini yezokuthutha iComfortDelGro, wavele woma nasozwaneni ngesikhathi ozakwabo beyibala bethola ukuthi ingu-Sg$1.1 million.

"Imali ayibalulekile kumina. Akuyona eyami, ngingayisebenzisa kanjani?" etshela iphephandaba.

Lezi zithandani zaseThailand zibike ngokulahlekelwa kwazo yimali kule nkampani kanti zithe zifika nje uSia ubesezilindile elindele ukuzinika.

Umbiko awukuvezanga ukuthi lezi zithandani bezizoyenzani imali eningi kangaka.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-24°C Sunny. Mild. Pta: 14-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-25°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 12-26°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 19-26°C Widely scattered tstorms. Afternoon clouds. Mild. PE: 15-20°C Passing showers. Decreasing cloudiness. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...