Kumiswe ibhanoyi kutholakala inyoka

2013-09-23 12:02

Sydney - Ukutholakala kwenyoka enesidumbu esingangepeni idale ukuba ibhanoyi leQantas obekumele liye eJapan lisuka eSydney lingabe lisahamba, abagibeli basala dengwane.

Le nyoka, engalinganiselwa ku-20cm ubude, itholwe ngasemnyango webhanoyi iBoeing 747-400 ebeliya eTokyo ngoMgqibelo ebusuku, kusho okhulumela iQantas etshela abe-AFP.

"Inyoka iye kohlolwa ukuthi ivelaphi," usho kanje.

Ibhanoyi belimi lapho ligitshelelwa khona esikhumulweni saseSydney ngeSonto ngemuva kokubuya eSingapore, kanti inyoka itholwe abasebenzi ngaphambi kokuba abagibeli bagibele.

Okwamanje akucaci ukuthi iqhamukephi le nyoka nokuthi iwuhloboluni.

Bonke abagibeli abangu-370 abebezoligibela kudingeke balaliswe emahotela kanti kudingeke bahambe ngelinye ibhanoyi elisuke eSydney ngoMsombuluko ekuseni.

Lesi yisigameko sesibili sokuthi kutholwe inyoka ebhanoyini leQantas kulo nyaka. NgoJanuwari kwatholakala inhlwathi engamamitha amathathu ubude.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- Sapa - AFP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-23°C Morning clouds. Mild. Pta: 21-28°C Showers early. Partly sunny. Warm.
Jhb: 19-26°C Scattered showers. Partly sunny. Warm. Bloem: 18-30°C Showers early. Morning clouds. Warm.
Dbn: 22-25°C a mixture of sun and clouds. Mild. PE: 18-24°C Rain early. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...