Kuminze 39 kucwila isikebhe eTurkey
2012-09-06 14:04
Ankara - Abantu abangu-39 baminzile ngemuva kokuba isikebhe, ebesithwele izifikanamthwalo ezingene ezweni ngokungemthetho sicwile, kusho isikhulu sendawo sitshela abeNTV ngoLwesine.
"Okwamanje sisathole izidumbu ezingu-39,” kusho uTahsin Kurtbeyoglu, wasesifudazweni i-Izmir entshonalanga neTurkey.
"Ukaputeni wesikebhe kanye nomsizi wakhe, nabantu abangu-43 batholwe besaphila,” kuqhuba yena.
Isikebhe besisuka e-Ahmetbeyli, okuyindawo engase Greek Islands, sashayisa idwala, kusho isikhulu.
Akwaziwa ukuthi isikebhe besilibhekisephi kodwa iningi lezifikanamthwalo bekungezasemazweni ama-Arab, usho kanje.
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- Sapa - AFP