Kumbhedele obezama ukukhulisa 'induku'

2012-11-16 14:02
Yabelani Shicilela

Bangkok - Izikhulu zezempilo esibhedlela eBangkok, kudingeke zijumpule "amazambane" owesilisa waseThailand, ngemuva kokubheda kwemizamo yokukhulisa isitho sakhe sangasese.

Lo mlisa mumbe oneminyaka engu-50 ubudala ujove isitho sakhe sangasese ngamafutha aziwa ngokuthi yi-olive oil, ngoba ezama ukukhulisa "induku".

Kuthiwa maningi amadoda asebenzisa i-olive oil, i-silicone kanye nophalafini, ukuzama ukukhulisa izitho zawo...zonke lezi zindlela abazisebenzisayo kuthiwa aziphephile.

Abezempilo bathi balinganiselwa ku-40 abantu asebengeniswe esibhedlela, kulandela ukungaphumeleli kokukhulisa izitho zabo, base behlangabezana nokugula thizeni.

Isibhedlela sithe bese kuyiminyaka indoda lena ijova isitho sayo ngenhloso yokusikhulisa, igcine ingenwa wundlavuza kwase kudingeka asuswe "amazambane".




 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- Sapa - AFP

Phawula kulolu daba
3 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C Sunny. Mild. Pta: 12-23°C Mostly sunny. Mild.
Jhb: 10-18°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 4-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-24°C Haze. Mild. PE: 13-20°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...