Kulukhuni ukukhulelwa kwabesifazane abasebenza kanzima – Umbiko

2015-08-21 10:08

Boston - Ucwaningo lwaseMelika luveze ukuthi abesifazane abasebenza amahora angaphezulu kuka-40 ngesonto nalabo abasebenza ngokuthwala izinto ezisindayo bathatha isikhathi eside ukuba bakhulelwe.

Abacwaningi balandele abantu besifazane abangu-1 739 abebezama ukukhulelwa kanti u-16% kubona uhlulekile ukukhulelwa ezinyangeni ezingu-12, kanti u-5% kwaze kwaphela iminyaka emibili ungakhulelwa.

OLUNYE UDABA: Ezintsha ngamaphilisi avimba ukukhulelwa

Kuthiwa ukusebenza amahora angaphezulu kuka-40 ngeviki kuyamaniswa nokuthatha isikhathi eside ukukhulelwa kwabesifazane, uma kuqhathaniswa nabasebenza amahora angu-21 kuya kwangu-40.

Ukuqukula izinto ezisindayo nakho kunomthelela ekutheni luhambe kancane uhlelo lokuzama ukukhulelwa.

"Ucwaningo lwethu lutshengisa ukuthi ukuqukula izinto ezisindayo nokusebenza amahora amade, kunomthelela ekuhambeni kancane kokukhulelwa kwabesifazane,” kusho obehola lolu cwaningo u-Audrey Gaskins, weHarvard T.H. Chan School of Public Health.

- AFP

Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 19-24°C Mostly sunny. Mild. Pta: 21-33°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 19-29°C More sun than clouds. Pleasantly warm. Bloem: 18-29°C Drizzle. Morning clouds. Warm.
Dbn: 21-27°C Morning clouds. Mild. PE: 23-28°C Decreasing cloudiness. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...