Kulimale 70 engozini yesitimela e-Argentina
2011-04-04 17:03
Buenoz ires - Abasebenzi bezempilo nezicishamlilo zithi kulimale abantu abangu-70 ngesikhathi iguzu lishayisana nesitimela ebesithwele abantu ebesiya eBuenos Aires sisuka eMar del Plata ngoMsombuluko.
"Kulimale abantu abangu-70, kodwa hhayi kabi," kusho u-Adrian Tarditti, noyinhloko yezabasebenzi abaphuthumayo bezempilo esifundazweni saseBuenos Aires, etshela abezindaba. "Owesifazane nabesilisa ababili abasale esibhedlela ngenxa yale ngozi."
Ngo Febhuwari 16, kwashona abantu abane kwalimala ababalelwa ku-100 ngesikhathi kushayisana izitimela ezimbili khona eBuenos Aires.
- Sapa - AFP