Kulimale 20 engozini yesitimela
2012-10-02 07:14
Hanford - Isitimela ebesithwele abantu abangu-169 siphaphalaze saphuma kujantshi ngemuva kokutholana phezulu neloli enkulu ethwala izimpahla eCentral Valley, eCalifornia.
Kube sekulimala abagibeli abangu-20.
Le ngozi yenzeke ngesikhathi umshayeli weloli ehluleka ukuma wase ezithela phezu kwesitimela, kusho izikhulu.
Okhulumela iCalifornia Highway Patrol, uJerry Pierce uthi umshayeli weloli uthole imihuzukwana.
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- Sapa - AP