Kukhalwa ngabaqokwe ngu-Obama

2013-01-11 11:01

Washington - UMengameli wokuqala omnyama waseMelika uyagxekwa ngabanye beqembu lakhe iDemocratic Party, ngokumemezela abesilisa abamhlophe kwiKhabhinethi lakhe nasezikhundleni zobuholi kuhulumeni wakhe wesibili.

UMengameli uBarack Obama ngoLwesine umemezele uJack Lew njengoNobhala kaMgcinimafa, ungomhlophe wesine wesilisa ukuqokelwa esikhundleni esiphezulu seKhabhinethi muva nje.

Ukuqokwa kukaLew kulandela ukuqokwa kukaJohn Kerry, uzongena esikhundleni sikaHillary Clinton sokuba nguNobhala wezwe, uphinde waqoka owayekusiShayamthetho uChuck Hagel ukuba abenguNobhala wezokuVikela noJohn Brennan ozoba yiNhloko yezobuNhloli.

Ukukhombisa ukuphikisana nalokhu, uselahlekelwe owesifazane obekwiKhabhinethi lakhe, enguNobhala wezabaSebenzi uHilda Solis, omemezele ukuthi uyasula esikhundleni sakhe ngoLwesithathu.

Ngenyanga edlule uLisa Jackson, omnyama ngebala, wamemezela ukuthi uyehla esikhundleni sakhe njengeNhloko yezokuVikelwa kweMvelo.

"Kuyaphoxa kakhulu,” kusho uCharles Rangel weNew York Democrat, ongomunye oyilungu eliphezulu lesiShayamthetho, ekhuluma ngabaqokwe u-Obama.
 


 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- Reuters

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-23°C Morning clouds. Mild. Pta: 16-29°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 13-25°C Sunny. Mild. Bloem: 13-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-24°C More sun than clouds. Mild. PE: 17-24°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...