Kuhlonishwe abamaSikh ababulawa
2012-08-13 07:20
Oak Creek, Wisconsin - Kubuthelene amakhulu abantu ethempelini lamaSikh eMilwaukee nalapho kushunyayezwe ivangeli lokubumbana nokubuyisana kusukela kwenzeka isibhicongo lapho owesilisa wagasela wadubula wabulala abantu abayisithupha ngaphambi kokuzibulala yena.
Impelasonto esiphuma kuyo isetshenziselwe ukuhlonipha labo ababa yizisulu zale nhlekelele.
Abaningi abebehambele le nkonzo, usizi belusabhalwe emehlweni.
UWade Michael Page, 40, wasebenzisa isibhamu sohlobo lwe-9mm ngesikhathi ebulala abazalwane abayisithupha, elimaza abane, okubalwa nephoyisa ngo-Agasti 5.
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- Sapa - AP