Kuhlaselwe isibhedlela eSyria

2012-11-22 14:01

Allepo - Ibhanoyi lezempi eSyria lishaye ibhilidi eliseduze nesibhedlela e-Aleppo, labulala cishe abantu abangu-15 lacekela phansi isakhiwo sezempilo enyakatho nedolobha, kusho izishoshovu ngoLwesine.

Lesi kwabe kuyisibhedlela esizimele sikasomabhizinisi ozwana kakhuku noMengameli uBashar Assad, iDar al-Shifa Hospital, kanti bese siphenduke isibhedlela sokusiza abantu, sinodokotela abangamavolontiya, namanesi, abebesizwa yiqembu eliphikisayo ngenxoso yokuhlenga izakhamizi kanye namavukelambuso.

Lesi sakhiwo sesihlaselwe cishe izikhathi eziyisithupha ezinyangeni ezimbalwa ezedlule, kodwa bekulimala kakhulu uphahla.

NgoLwesithathu ebusuku, amabhanoyi ezempi aqhushumbise ibhilidi elihlangene nesibhedlela, ngaleyondlela neDar al- Shifa yaphenduka izingcucu, kusho izishoshovu.

URami Abdul-Rahman, oyisikhulu sezingqapheli zamalungelo abantu, uthe cishe kufe amavukelambuso angu-11 ngesikhathi ibhanoyi lidubula.

Abashonile bahlanganisa nodokotela.




 

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-22°C Sunny. Mild. Pta: 14-29°C Rain late. More clouds than sun. Warm.
Jhb: 11-25°C Numerous showers. High level clouds. Mild. Bloem: 11-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-25°C Mostly sunny. Mild. PE: 15-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...