Kuhlasele isithwathwa eKansas

2013-02-22 12:03

Washington - Akukapheli ngisho amasonto amabili kuhlasele isiphepho esihambisana nesithwathwa eNew England, sekuphinde kwahlasela esinye siphelezelwa yimvula.

Lesi sithwathwa simbozele izwe lonke kuhle kwengubo yokulala, nokudale ukuthi izikhulu zivale imigwaqo emikhulu eKansas, nalapho isikhulu sakhona simemezele leliya dolobha njengelisesimweni esibucayi, ngokusho kweNBC.

Kudingeke ukuthi kumiswe izindiza esikhumulweni sezindiza eziya eKansas City, nokuyilona dolobha elishayeke kakhulu.

I-NBC ithi kusashone umuntu oyedwa, engozini yomgwaqo.

AbeNational Weather Service bathe lesi siphepho sibheke eGreat Lakes.


 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 21-27°C More sun than clouds. Warm. Pta: 15-33°C High level clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 16-30°C High level clouds. Pleasantly warm. Bloem: 18-32°C Widely scattered tstorms. More sun than clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 21-28°C a mixture of sun and clouds. Warm. PE: 22-26°C Drizzle. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...