Kuhlasele isishingishane eHong Kong
2012-07-24 07:18
Hong Kong - Kulimale abantu abangaphezu kwekhulu kwasiphuka izihlahla ngesikhathi kuhlasele isiphepho eHong Kong nokumise leli dolobha nse, kusho izikhulu ngoLwesibili.
Izikhulu zikhiphe isexwayiso sokuqala kusukela ngo-1999 sokuthi kungase kuhlasele inkanyamba njengoba iTyphoon Vicente igadle kwezwakala.
Kumisiwe ukusebenza kwemikhumbi, amabhasi nezitimela, kwavalwa ichweba kwathi izindiza ezingu-44 kwabikwa ukuthi ngeke zisahamba.
Angaphezu kuka-270 amabhanoyi abambezelekile.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- Sapa - AFP