Kugxekwe ukuhlasela okwenziwe ngu-Israyeli

2013-01-31 12:03

Beirut - Iqembu lamasosha laseLebanon, iHezbollah, selikugxekile ukuhlasela okwenziwe ngu-Israyeli ehlasela ngezikhali zasemoyeni, eSyria.

Kulokhu kuhlasela, kucekelwe phansi isikhungo esenza ucwaningo ngezesayensi.

Isitatimende sangoLwesine esikhishwe yiqembu sithe: "IHezbollah ayihambisani neze nesenzo esiwubudlova nobulwane sokuhlasela."

Izikhulu zaseMelika zithe abakwa-Israyeli bahlasele eSyria, ngoLwesithathu, bahlasela inhlabaluhide ekukholakala ukuthi ibithwele izikhalo ebesiyiswa kwabeHezbollah.

Umbutho waseSyria ukuphikile ukuthi bekunomthwalo wezikhali.

IHezbollah nayo ayikhulumanga lutho ngezikhali, ngesikhathi yethula isitatimende.


 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- Sapa - AP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-19°C Mostly sunny. Mild. Pta: 8-25°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 7-21°C Sunny. Mild. Bloem: 2-20°C Sunny. Mild.
Dbn: 12-23°C More sun than clouds. Mild. PE: 14-19°C Clearing skies. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...