Kugxekwa amaBurka ezinganeni
2013-02-05 16:21
Cape Town - Sesithole ukugxekwa isiphakamiso sezikhulu zaseSaudi Arabia, sokuthi izingane zamantombazane zigqoke ama-burka, kuze zizoziphephisa kubadlwenguli.
IBurka isembatho esifihla umzimba wonke kanye nobuso, esigqokwa ngabesifazane benkolo yamaSulumane, kusho umbiko ngabantu bezwe abakhulume ku-internet.
Umbiko wabe-Al Arabiya uthi isikhulu kuhulumeni uSheikh Abdullah Daoud, wakhuluma kumabonakude wezwe esho lesi siphakamiso.
Omunye obethukuthele ubhale kuTweeter wathi: "Iyakhathaza indaba yokuthi izingane zigqokiswe ama-burka, zijezela izono ezenziwa ngamadoda. Lokhu kungubuwula."
Owabe eyijaji ebhodini iSaudi Board of Grievances uSheikh Mohammad
al-Jzlana, utshele abezindaba ze-Al Arabiya wathi isinqumo sikaDauod, sithunaza inkolo yamaSulumane.
Uthi ukugqokiswa kwezingane ngale ndlela, kuphambene nenqubo eyiyo.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela Izindaba News24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).
- News24