Kugwetshwe isigayigayi seqembu lamaSulumane

2013-02-28 16:11

Dhaka - INkantolo yamaCala ezeMpi eBangladesh, igwebe intambo inhloko yeqembu lamaSulumane, kwaqubuka impi nombhikisho edolobheni iDhaka, kwashona nabathize.

Bane abantu abadutshulwe babulawa ngesikhathi kuqubuka udlame, ngemuva kokuthi inkantolo ilahle ngecala uDelwar Hossain Sayedee, oyiphini eqenjini iJamaat-e-Islami, elisolwa ngamacala odlame kusukela ngempi yango-1971.

Umshushisi uSyed Haider Ali, uthe uSayedee ugwetshwe intambo ngemuva kokuthi etholakale namacala okubulala awokucekela phansi impahla kanye nokudlwengula.

Laba kuthiwa babephoqa abantu ukuthi bayeke inkolo yamaHindu, kuze bezokuba ngamaSulumane.

Balinganiselwa ku-20 abantu asebebulewe kusukela kwakhishwa lesi sigwebo mhlaka-21 Januwari.




 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-16°C Showers late. Afternoon clouds. Cool. Pta: 4-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 6-18°C Sunny. Mild. Bloem: 2-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 8-24°C Sunny. Mild. PE: 10-26°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...