Kudutshulwe kwabulawa umculi

2014-06-19 10:07

Peshawar - Oshayasibhamu abangaziwa badubule babulala umculi wesifazane odumile edolobheni iPeshawar, kusho izikhulu.

UGulnar, 38, ubedume ngelikaMuskan, uhlaselwe ngoshayasibhamu abane abangaziwa, esemzini wakhe.

"UGulnar udutshulwe washonela esibhedlela," kusho isikhulu samaphoyisa uRiazul Haq, etshela abezindaba ze-AFP.

Ukuhlaselwa kwabaculi besifazane kuyinto evamile ePakistan, esifundazweni iKhyber-Pakhtunkhwa.

Abesifazane laba basolwa ngokuqhuba amagigi angahambisani nenkolo yobuSulumane.

Umlingisikazi uBushra, 18, wahlaselwa washiswa nge-acid, ngenyanga kaJuni ngonyaka owedlule.

UBushra wahlaselwa elele ekhaya kubo.

Umculi uGhazala Javed, 24, wadutshulwa wabulawa eminyakeni emibili edlule.





 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- Sapa - AFP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-19°C Sunny. Mild. Pta: 15-23°C Afternoon clouds. Mild.
Jhb: 12-21°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 7-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-22°C Light rain early. Morning clouds. Cool. PE: 12-20°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...