Kuduke 7 kuwa ibhuluho
2012-12-03 07:20
Tokyo - Kuduke okungenani abantu abayisikhombisa kwathi abanye bashona ngesikhathi kuwa umhhume womgwaqo omkhulu oxhumanisa iTokyo nenkaba yeJapan ngeSonto.
Imizamo yokutakula abasindile ibanjezelwe yintuthu kulandela ukuthi enye ezimoto igqamuke amalangabi ngaphakathi kweSasago Tunnel, nengamakhilomitha angu-80 ukusuka eTokyo.
Abatakuli baphinde bamisa umsebenzi ngenxa yokusabela ukuthi lo mhhume ungase uqhubeke nokuwa.
Kunezimoto ezivaleleke ngaphansi kwemfucuza.
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- Sapa - AP