Kuduke 8 kucwila isikebhe eMalaysia
2013-01-14 10:02
Kuala Lumpur - Kuduke okungenani abantu base-Indonesia abangena ezweni ngokungemthetho ngemuva kokuchithwa yisikebhe abebesigibele bezama ukuphuma eMalaysia, kwahlengwa abangu-41, kusho isikhulu.
Lesi sikebhe sicwile eningizimu neMalaysia, eJohor, kusho isikhulu seMaritime Enforcement Agency.
"Lesi sikebhe besigcwele ngokweqile, ulwandle luthukuthele nokudale ukuthi sicwile," esho.
Uthe besithwele abantu ababalelwa ku-50, kanti kusathungathwa abadukile.
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- Sapa - AFP