Kudlwengulwe owesifazane eNdiya

2014-06-16 14:31

Lucknow - Owesifazane, 38, uthi udlwengulwe yiqulu lamadoda ngempelasonto enyakatho neNdiya, nokuyindawo okuthiwa zidlangile izigameko zalolu hlobo, kusho amaphoyisa ngoMsombuluko.

Isisulu sithi besiyothenga umuthi ngoLwesihlanu ebusuku ngesikhathi amadoda amathathu esiyengela endlini engakaqedwa ukwakhiwa ase eyasihlasela edolobheni i-Uttar Pradesh.

"Sebeboshiwe abasolwa ababili kanti owesithathu usagcwele amathafa,” kusho isikhulu samaphoyisa uL.R. Kumar etshela izindaba ze-AFP. "Sisathungatha umsolwa wesithathu.”

Lo wesifazane ube esevula icala emaphoyiseni aseBisauli, esifundeni iBadaun.

IBadaun yisifunda lapho okwadlwengulwa khona amantombazane amabili ase eyalengiswa ngenyanga eyedlule.

Amantombazane lawa ayeneminyaka engu-12 no-14 ubudala.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- Sapa - AFP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-19°C Sunny. Mild. Pta: 16-27°C Morning clouds. Warm.
Jhb: 14-23°C Rain early. Morning clouds. Mild. Bloem: 12-27°C Rain late. More sun than clouds. Warm.
Dbn: 16-25°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-22°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...