Kudlwengulwe kwashiswa intombazane eNdiya

2014-01-02 10:44

New Delhi - Intombazane yaseNdiya yadlwengulwa yiqulu labafana ezehlakalweni ezimbili, yashona ngemuva kokuba yokhelwe ngomlilo, nokuyinto esuse imibhikisho empumalanga yedolobha laseKolkata, kusho amaphoyisa ngoLwesine.

Intombazane eneminyaka engu-16 ubudala yaqale yadlwengulwa ngo-Okthoba 26 yaphindwa futhi nangosuku olulandelayo idlwengula ngabafana ababengaphezulu kwabayisithupha ngakubo edolobheni laseMadhyagram, ngaphandle kwaseKolkata.

Yaphinde yadlwengulwa okwesibili iphuma esiteshini samaphoyisa ukuyobika isigameko sokuqala.

Yabe isishiswa ngomlilo ngoDisemba 23 yashonela esibhedlela ngosuku olwandulela unyaka omusha, kusho amaphoyisa.

"Ngaphambi kokuba ashone watshela izikhulu zezempilo ukuthi washiswa ngoDisemba 23 abalisa ababili abasondelene nabasolwa abamdlwengula," kusho uNimbala Santosh Uttamrao okhulumela amaphoyisa etshela abe-AFP.

Amaphoyisa aze abopha abasolwa ngoLwesithathu, ngemuva kwezinyanga ezimbili kwabikwa isigameko sokuqala, kusho isikhulu samaphoyisa endawo uRajiv Kumar etshela abe-AFP.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- Sapa - AFP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
1 isiphawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 15-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 15-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 20-28°C More sun than clouds. Warm.
Dbn: 20-28°C Showers late. Afternoon clouds. Warm. PE: 17-20°C Drizzle. Afternoon clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...