Kudlwengulwe kwabulawa izelamani eNdiya

2013-02-20 12:01

Mumbai - Izelamani zamantombazane ezintathu eziphakathi kweminyaka eyisithupha nengu-11 ubudala zidlwengulwe zabulawa entshonalanga neNdiya, kusho amaphoyisa ngoLwesithathu.

Izidumbu zalezi zingane zitholakale ngesonto eledlule, kulandela ukuduka ngoFebhuwari 14 eBhandara, kusho owamaphoyisa uSuperintendent Aarti Singh etshela abe-AFP.

"Ukuhlolwa kwezidumbu kuqinisekise ukuthi lezi zingane zidlwenguliwe ngaphambi kokuthi zibulawe."

Akukaboshwa muntu kodwa uSingh uthe kubanjwe abantu abane abazophekwa ngemibuzo kanti nophenyo luyaqhubeka.

Lesi sigameko esidine umphakathi, uSingh uthe, siza ngemuva kwemibhikisho eNew Delhi kulandela ukudlwengulwa komfundi, 23, ngamadoda ayisithupha ebhasini ngoDisemba.


 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- Sapa - AFP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-16°C Passing showers. More sun than clouds. Cool. Pta: 14-30°C High level clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 12-25°C More sun than clouds. Pleasantly warm. Bloem: 14-24°C Passing showers. Morning clouds. Mild.
Dbn: 19-26°C Mostly cloudy. Mild. PE: 14-20°C Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...