Kudlwengulwe kwabulawa abazala eNdiya

2014-05-29 12:03

New Delhi - Kuhlanganyelwe kwadlwengulwa amantombazane amabili abe eselengiswa esihlahleni esigodini esisenyakatho yezwe eNdiya, kusho izikhulu ngoLwesine.

Amantombazane amabili, okuyizihlobo ezineminyaka engu-14 nengu-16 ubudala, zinyamalale e-Uttar Pradesh, eBadaun, ngoLwesibili ebusuku kanti izidumbu zawo zitholwe zilenga esihlahleni ngoLwesithathu.

"Ubaba wentombazane, ofake isimangalo, uthe izisulu zidlwengulwe ngabalisa abahlanu ngaphambi kokuba zilengiswe esihlahleni. Ukuhlolwa kwezidumbu kuveze ukuthi ngempela amantombazane adlwenguliwe nokuthi ashone ngemuva kokulengiswa,"  kusho isiskhulu samaphoyisa esifunda u-Atul Saxena ngocingo.

Kuboshwe umsolwa oneminyaka engu-18 ubudala, kusho uSaxena, kanti amaphoyisa asehlanganise ithimba elinamalungu angu-60 elizophenya kuboshwe abanye abasolwa maduzane.

"Okwamanje ngeke sikuqinisekise ukuthi izisulu zizilengisile yini noma zilengiswe abasolwa," usho kanje.

Lesi sehlakalo sesiholele ekutheni kube nemibhikisho abantu basendaweni bakhala ngokuthi akukho okwenziwa amaphoyisa futhi awasheshanga ukuthungatha amantombazane ngemuva kokunyamalala kwawo.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter



- Sapa-DPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 15-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 15-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 20-28°C More sun than clouds. Warm.
Dbn: 20-28°C Showers late. Afternoon clouds. Warm. PE: 17-20°C Drizzle. Afternoon clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...