Kuchazwa ngokufa kwabantu eMexico

2013-02-05 10:02

Mexico City - Ukuqhuma okwabulala abantu abangu-37 ekomkhulu lefemu engaphansi koMbuso eMexico kuthiwa yadalwa ukubuthelana kwegesi, kusho izikhulu ngoMsombuluko, zithi kwakungasona isigameko sokuhlasela ngebhomu.

Lesi simemezelo siza ngemuva kwezinsuku ezimbili kwenzeke lesi sibhicongo, ekomkhulu lakwaPemex enkabeni yeMexico City.

Lokhu kuqhuma kwacekela phansi ibhilidi ngoLwesine, kwalimala abantu abangu-120.

"Sikwazile ukuthola ukuthi ukuqhuma lokhu kwadalwa ukubuthelana kwegesi," kusho ummeli uJesus Murillo Karam etshela isithangami sabezindaba.

Kuthiwa le gesi yase ihlangana nenhlansi, nokwadala ukuqhuma okwabulala abantu abangu-37.



 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- Sapa - AFP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 9-15°C Afternoon clouds. Cool. Pta: 8-19°C Rain late. Afternoon clouds. Mild.
Jhb: 5-14°C Showers late. Afternoon clouds. Cool. Bloem: 6-9°C Tons of rain. Mostly cloudy. Cool.
Dbn: 12-14°C Tons of rain. Mostly cloudy. Cool. PE: 11-14°C Passing showers. Afternoon clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...