Kucelwe abokufika ukuthi bashiye eBenghazi
2013-01-25 07:20
Amazwe ase-Europe asecele abantu bakhona ukuba bahambe edolobheni elisempumalanga neLibya, iBenghazi, njengoba iBrithani ithi linobungozi ikakhulukazi kwabaseNtshonalanga kulandela ukubulawa kwabo e-Algeria.
Izikhulu zinqabile ukuphuma nolwazi oluthe xaxa, kodwa iBrithani ixwayise ngokukhula kwempi yamavukelambuso enyakatho ne-Afrika, kuchaza uNdunankulu uDavid Cameron.
Lesi siphakamiso sijabhise abantu baseLibya nabazimisele ngokuheha abatshalizimali bakwamanye amazwe ukuze kwakhiwe kabusha ingqalasizinda kufukulwe nemboni kawoyela eyafadalala ngesikhathi kuketulwa umholi uMuammar Gaddafi ngo-2011.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- Reuters