Kucekelwe phansi inkambu ye-UN eGaza
2011-07-28 12:24
Gaza City - Okhulumela i-UN uthi amadoda ayishumi ahlasele acekela phansi inkambu yabo esetshenziselwa ukukhempa izingane eGaza Strip ehlobo.
UChris Gunness, okhulumela i-UN Relief and Works Agency (UNRWA), nelekelela izifikanamthwalo zasePalestine, uthe lesi sakhiwo esisenyakatho ntshonalanga neGaza sihlaselwe phakathi kwamabili ngoLwesithathu.
"Izigilamkhuba zicekele phansi ama-billboard, zashisa ifulegi le-UN kanye nengxenye yesiteji. Kodwa abalimalanga abezokuphepha abebekuleya ndawo," kusho uGunness.
Lokhu kuhlasela kuze emuva kokuthi izingane ezizoza ekhempeni ye-UNRWA zizwakalise ukuthi zifuna ukuqopha umlando emhlabeni wonke jikelele wokundizisa amakhayithi amaningi kuleya ndawo.
UGunness uthe bacele izikhulu zendawo ukuthi ziphenye ngalokhu kuhlasela.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter.
- Sapa - AFP