Kubusa iziboshwa emajele eMexico
2012-09-26 12:01
Mexico City - Ukweqa
ejele kweziboshwa ezingu-131 ngesonto eledlule sekubonakalise
ukuzicanasela kweziboshwa emajele aseMexico – amajele ayizindawo
ezinodlame ezilawulwa abamaqembu ezigelekeqe.
Izigelekeqe
zilawula cishe u-60% wamajele, lapho zikwazi khona ukuqhubeka nempilo
yangaphandle, ziqhube namanye amabhizinisi khona ngaphakathi zigwazele
nezisebenzi zasemajele, kusho ikhomishini yezamalungelo abantu, iNational Human
Rights Commission (CNDH).
"Ukwehla
kwezinga lokuqina komthetho emajele kule minyaka edlulile ngeke kwaphikiswa,
njengoba kufakazelwe ukweqa kweziboshwa, ukulwa okungaphakathi, ukuzilawula
kanye nokushaya abasebenzi basemajele,” kusho uRaul Plascencia.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- Sapa - AFP