Kubulawe odubule abantu enkantolo

2013-01-22 07:20

Manila - Owesilisa waseCanada obebhekene necala lokuphatha isibhamu esingekho emthethweni uvulele ngenhlamvu enkantolo ePhilippines, kwashona abantu ababili kwalimala nomshushisi ngaphambi kokuthi amaphoyisa ambulale, kusho izikhulu.

Umsolwa uJohn H. Pope, ubevele enkantolo esenkabeni yedolobha iCebu, nalapho ebehekene khona namacala, ngesikhathi ehosha isibhamu edubula ummeli nalowo obemvulele icala, kusho amaphoyisa.

Ube esedubula umshushisi ahlangane naye ebhilidini, kusho okhulumela amaphoyisa aseCebu uMariano Natuel.

UMqondisi wamaphoyisa esifundeni uMarcelo Garbo uthe uPope usishaye indiva isicelo sokuba azinikele waphinde wazama nokudubula amaphoyisa.



 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- Sapa - AP

Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-19°C Mostly sunny. Cool. Pta: 14-26°C More sun than clouds. Warm.
Jhb: 12-24°C More sun than clouds. Mild. Bloem: 16-25°C Rain late. More sun than clouds. Mild.
Dbn: 22-27°C Drizzle. Afternoon clouds. Warm. PE: 16-21°C Showers late. Afternoon clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...