Kubulawe intombazane ebuke umfana
2012-11-06 07:20
Islamabad - Izithandani zasePakistan ezisolwa ngokubulala indodakazi yazo, 15, zithi zikwenze lokhu ngoba ithele umndeni ngehlazo ngokubuka umfana, kusho umbiko.
Zibhunyele le ntombazanyana nge-acid.
Ukufa kwale ngane kuqhakambisa inkinga ekhona ePakistan eyaziwa "ngomhlatshelo" lapho abesifazane bebulawelwa ukushada noma ukuthandana nabantu abangavunyelwe emndenini, nokubukwa njengokungawuhloniphi umndeni.
Abazali bale ngane, uMohammad Zafar noZaheen, bathi ingane yabo ibiyazi vele ukuthi iyona ngesikhathi iguquka ibheka umfana.
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- Sapa - AP