Kubulawe intatheli e-Iraq

2012-07-31 12:32

Bangdad- Amaphoyisa ase-Iraqi athi kudutshulwe kwabulawa intatheli edutshulwe ngushayasibhamu ogqekeze endlini yayo.

NgoLwesibili iphoyisa lithe umethuli wezinhlelo zikamabonakude oneminyaka engu-29 ubudala, uGhazwan Anas, ubedla isidlo sasebusuku i-Iftar - esidliwa ngenyanga yokuzila yomkhosi uRamadan ngesikhathi kungena ushayasibhamu ebusuku ngoMsombuluko ekhaya labo elisedolobheni iMosul.

Umama wakhe nonkosikazi wakhe bathole ukulimala kulokhu kuhlaselwa, amaphoyisa awafunanga ukudalulwa amagama awo ngoba engagunyaziwe ukukhuluma nabezindaba.

U-Anas ubesebenzela isiteshi sikamabonakude i-al-Mosul satellite.

I-Iraq ikleliswe phakathi kwamazwe ayingozi kakhulu ezintathelini, ngokusho kwe-New York-based Committee to Protect Journalists.


 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-23°C Morning clouds. Mild. Pta: 19-33°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 16-26°C High level clouds. Warm. Bloem: 12-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-20°C a few showers. More clouds than sun. Cool. PE: 15-19°C Decreasing cloudiness. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...