Kubulawe 4 e-Iraq
2013-02-21 14:02
Baghdad - Kubulawe cishe abantu abane ngoLwesine ezehlakalweni ezimbili ezahlukene enyakatho nenhlokodolobha yaseIraq iBaghdad, kusho amaphoyisa, njengoba kuqhubeka imibango mayelana nezombusazwe kanye nezenkolo kuleliya lizwe.
Amasosha amathathu abulewe kwalimala amahlanu ngesikhathi oshayasibhamu abangaziwa behlasela endaweni yabezokuphepha e-al-Dulaya, okuyindawo engamakhilomitha angu- 170 ukusuka eBaghdad.
Kushone ilungu lomphakathi elilodwa kwalimala ayisikhombisa ngesikhathi kuqhuma ibhomu eBaquba, okuyindawo engamakhilomitha angu-60 ukusuka eBaghdad, kusho amaphoyisa.
Alikho iqembu eseliphumele obala lavuma ngokwenza lezi zehlakalo.
Ezehlakalweni zakamuva zodlame e-Iraq kusuke kuhlaselwa iShiite Muslims kanye nabezokuphepha, njengoba kunokungezwani phakathi kukahulumeni oholwa ngamaShiite kanye namaSunni.
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- Sapa-DPA