Kubulawe 3 weziboshwa eJapan
2013-02-21 10:01
Tokyo - IJapan ikhunge iziboshwa ezathola isigwebo sentambo namhlanje, kanti lokhu uma kuyiqiniso kusho ukuthi kungokokuqala kusukela ngokhetho lwangoDisemba.
Umsakazeli womphakathi i-NHK nezinye izinhlangano zabezindaba eJapan babike ukuthi lezi ziboshwa ezintathu zibulawe ekuseni ngoLwesine, ngaphandle kokunikeza imininingwane ethe xaxa nokuthi kukhishwe amagama alezi ziboshwa.
Kuneziboshwa ezingu-137 ezithole isigwebo sentambo eJapan, ngokusho kombiko woMnyango wezobuLungiswa.
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- AFP