Kubulawe 21 ePhilippines
2013-02-04 10:00
Manila - Amaphekulazikhuni ayamaniswa ne-al-Qaeda e-Abu Sayyaf atholane phezulu nenye inhlangano yamavukelambuso abangabhekani nayo, kwashona okungenani abangu-21 eningizimu nePhilippines, kusho amaphoyisa ngoMsombuluko.
Umkhuzi weMoro National Liberation Front, nenesivumelwano nohulumeni, uthe le nhlangano itholane ne-Abu Sayyaf ngeSonto ngemuva kokuthi i-Abu Sayyaf inqabile ukukhulula labo esibabambe isikhathi esiyizinyanga, okubalwa intatheli yethelevishini yaseJordan namadoda amabili ase-Europe.
Kushone amalungu ayisishiyagalombili eMoro nabangu-13 be-Abu Sayyaf kulezi zibhelu.
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- Sapa - AP