Kubulawe 141 eSyria - Inhlangano
2013-02-26 14:02
Beirut - Okungenani abantu abangu-141 abahlanganisa nezingane, babulewe eSyria, ngesikhathi amasosha edubula edolobheni i-Aleppo ngesonto eledlule, kusho abenhlangano iHuman Rights Watch (HRW).
Inhlangano isho kanjena ngemuva kokuthi omunye wabacwaningi ehambele kuleli dolobha.
Ukuhlasela lokhu sekuthole ukugxekwa, kwathiwa kungukuhlukumeza amalungelo abantu bezwe, i-Aleppo, iyidolobha elikhulu kuleli lizwe elihlaselwe yizimpi zokuzama ukuchitha esikhundleni uMengameli uBashar Assad.
Amaphekulazikhuni asedle amanye amadolobha, nokho uhulumeni namanje nguye osaphethe izifundazwe eziningi, yize ziqhubeka izehlakalo zezimpi eziqhubeka emigwaqeni.
Umcwaningi wakwa-HRW obehambele e-Aleppo uthi kucekelwe phansi amabhilidi angu-20.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela Izindaba News24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).
- AP