Kuboshwe 'obenamabele' ezidakamizwa

2012-12-13 12:05

Los Angeles - Amaphoyisa aseSpain abophe owesifazane wasePanama ngoLwesithathu ofikele eBarcelona ngendiza ephuma eBogota, eColombia ephethe izidakamizwa ze-cocaine zigxishwe emabeleni okufakelwa.

Lona wesifazane ube eseyiswa emaphoyiseni aseBarcelona e-El Prat Airport ngemuva kwezimpendulo zakhe ezingacacanga kahle, nezisolisayo, ngesikhathi ebuzwa ngesizathu esenze wasuka eBogota, kush ihhovisi lezangaphakathi esitatimendeni.

Amaphoyisa aseSpain esesha kabanzi abagibeli abafika ngamabhanoyi asuka ezindaweni zaseLatin America, ngenhloso yokulwisana nokushushumbiswa kwezidakamizwa.

Ngesikhathi amaphoyisa ebona izibazi ezisezintsha negazi esifubeni sakhe lona wesifazane ube eseyiswa esibhedlela esiseduzane ukuze kubhekwe ukuthi uqinisile yini uma ethi usanda kufakelwa amabele.

Amabele lawo kutholakale ukuthi aqukethe i-cocaine engu-1.38 kg.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- Reuters

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-21°C More sun than clouds. Mild. Pta: 17-30°C Tstorms late. More sun than clouds. Warm.
Jhb: 14-25°C Showers late. Afternoon clouds. Warm. Bloem: 15-31°C Tstorms late. More sun than clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-23°C Decreasing cloudiness. Mild. PE: 17-24°C More clouds than sun. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...