Kuboshwe obelala namakhosikazi abazalwane

2012-12-14 16:25

Kuta Timur - Izolala ibaliwe indoda ebikhohlisa abantu ithi ingumprofethi wenkolo yamaSulumane, itshela amadoda angabalandeli bayo ithi awayivumele ilale nakhosikazi namadodakazi awo, kusho amaphoyisa ase-Indonesia.

Umsolwa oneminyaka engu-48 ubudala uboshwe esiqhingini iBorneo, ngemuva kokuthi abalandeli bakhe bebike ukuthi ufuna ukukhokhelwa imali, kungenjalo bavume alale namakhosikazi namadodakazi, kuze bezoxolelwa izono zabo.

"Uma owonile engenayo imali eyanele, bekumele ahlawule ngonkosikazi noma ngendodakazi kuze ezokwazi ukuthetheleleka izono bese eya ezulwini,” kusho okhulumela amaphoyisa uKetut Cakri, etshela abezindaba ze-AFP.

"Sikholwa ukuthi ulale namadodakazi amaningi abantu abangabalandeli bakhe, walala namakhosikazi abo waphinda wamukela imali kubo," kuqhuba uCakri, othe okwamanje akucaci noma umsolwa unabo yini abalandeli abangabantu besifazane.

Ngo-2009 inkantolo khona e-Indonesia, yabopha umholi wenkolo owayeshumayela egqoke izingubo zangaphansi zodwa, futhi ekhuthaza abazalwane ukuthi bazitike ngocansi nabantu abaningi.





 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-24°C Sunny. Mild. Pta: 5-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 4-18°C Sunny. Mild. Bloem: 2-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 8-22°C Morning clouds. Mild. PE: 12-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...