Kuboshwe obanjwe nophondo lukabhejane

2013-01-07 13:03

Bangkok - Umlisa waseVietnam uboshiwe esikhumulweni sezindiza eBangkok, ngesikhathi etholakala nophondo lukabhejane olungabiza ngaphezulu kwengxenye yesigidi samadola esikhwameni sakhe, kusho izikhulu zaseThailand ngoMsombuluko.

Kubanjwe izingcezu eziyisithupha zophondo, ezinesisindo esingu-10.6 kg ezingabiza imali elinganiselwa ku-18 million baht ($600 000) – kukholakala ukuthi zithathwe eMozambique, kusho iziphathimandla zezokuvikelwa kwezilwane zasendle.

Umlisa oneminyaka engu-56 ubudala uboshiwe ngeSonto ebusuku ngemuva kokufika eThailand ngebhanoyi ebeliphuma e-Ethiopia, ngesikhathi elinde ibhanoyi elizoya eHanoi.

"Ushiye isikhwama sakhe endaweni yezikhwama, akasibhekanga, nokwenze kwabonakala ukuthi ubesishiya ngamabomu, efuna sithathwe omunye umuntu,” kusho uNarongrit Sookprakarn, oyisikhulu sasemvelo.

Lo mlisa usolwa ngokuletha izicubu ezivikelwe nezingavunyelwe kuleliyazwe ngaphandle kwemvume.

Uma etholakala enecala angase abhadle ejele iminyaka emine futhi ahlawuliswe ciche u-40 000 baht ($1,300).




 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-22°C Sunny. Mild. Pta: 12-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 9-20°C Sunny. Mild. Bloem: 7-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 13-19°C Showers late. Mostly cloudy. Cool. PE: 10-19°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...