Kuboshwe isikhulu e-Iran

2013-02-05 12:01

Tehran - Isikhulu esiphezulu kuhulumeni wase-Iran, nesabe singumshushisi eTehran, sikhalelwe ngamasongo kaSigonyela, ngemuva kweminyaka emibili kuqhutshwa uphenyo oluthi siyathinteka ekubulaweni kweziboshwa.

Uphenyo luthole ukuthi umshushisi lona waba nesandla ekubulaweni kweziboshwa ezabe ziboshelwe amacala ahlobene nezombusazwe, kusho umbiko wabezindaba ezweni.

USaeed Mortazavi osondelene kakhulu noMengameli uMahmoud Ahmadinejad, uhanjiswe ejele laseTehran, i-Evin ngoMsombuluko ebusuku.

UMortazavi belilokhu livela igama lakhe uma kuqhubeka izinkulumo ezithinta umengameli wezwe.

Kumanje u-Ahmadinejad, angeke akwazi ukuqhubeka nokungenela ukhetho ihlandla lesithathu njengoba kukhona abadlelana naye ababhekene namacala kanjalo nangenxa yokusho komthetho wezwe ngokungenelwa kokhetho.

Umthetho uyala ukuthi umengameli angenele ukhetho amahlandla aze abe mathathu.


 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- Sapa - AP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-20°C Sunny. Cool. Pta: 17-30°C a few showers. Morning clouds. Warm.
Jhb: 15-24°C a few showers. More clouds than sun. Mild. Bloem: 17-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 17-27°C More sun than clouds. Warm. PE: 17-23°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...