Kuboshwe inqwaba ngokuhlukumeza
2012-06-14 15:37
London - Amaphoyisa seLondon agasele emizini yabantu ashaqa bonke abasolwa ngokuba nesandla emacaleni ahlanganisa ukuhlukumeza izingane ngokocansi kwagcina kuboshwe abangu-76.
Amaphoyisa aseziteshini ezingu-40 abesebenzisana nabenhlangano iChild Exploitation and Online Protection Center.
Angu-141
amacala alandelwayo afaka izehlakalo zokusabalalisa izithombe zezingane ezonocansi..
Umhlaziyi esikhungweni uKate Fisher, uthe ama-video kanye nezithombe okusatshalaliswayo kuyahlambalaza futhi kunodlame kakhulu.
Izithome eziningi kuthiwa zihlanganisa izingane zincane kakhulu.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo
ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).