Kuboshwe ibhungu ngawokubulala
2013-01-21 07:20
Washington - Kuboshwe ibhungu ngokubulala abantu abayisihlanu, okubalwa nezingane ezintathu, lisebenzisa isibhamu esifana nesombutho wezempi eNew Mexico, kusho amaphoyisa.
Amaphoyisa athi athole izidumbu zinamahlandla amaningi okudutshulwa emzini ngoMgqibelo.
U-Aaron Williamson, nokhulumela amaphoyisa aseBernalillo County utshele izintatheli ukuthi kutholakale inqwaba yezikhali endaweni yesehlakalo, okubalwa nezibhamu zombutho wezempi.
Kuthiwa ibhungu libekwe amacala okubulala nokuhlukumeza izingane zize zife.
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- Sapa - AFP