Kuboshwe abanikazi bekilabhu eBrazil
2013-01-29 07:16
Santa Maria - Amaphoyisa aseBrazil abophe abanikazi bendawo yokuzijuxuza ababili neqembu lomculo ebelinandisa lapho kushone khona abantu abangu-231.
Awekho amacala abekwe la madoda amane, kodwa abashushisi bathi bangabagcina izinsuku zize zibe zinhlanu njengoba amaphoyisa ezobapheka ngemibuzo.
Kumele bacacise ukuthi waqubuka kanjani umlilo owabulala abantu ngeSonto ekuseni ekilabhini.
Izakhamuzi ezishaqekile ziqalile ukuhambela uhide lwemingcwabo eSanta Maria.
Iningi labashonile bekuyizitshudeni zasenyuvesi.
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- Reuters