Kuboshwe abanikazi befemu eBangladesh

2013-01-30 14:04

Dhaka - Zibakhalele abanikazi ababili befemu yendwangu lapho umlilo ubulale khona abasebenzi abayisikhombisa ngempelasonto, ngamacala obudedengu, kusho okhulumela amaphoyisa ngoLwesithathu.

UZakir Ahmed, nonguSihlalo weSmart Export Garment Factory eDhaka, noMohammad Sharif Ahmed, onguMqondisi Jikelele baboshwe ngoLwesibili ebusuku ngokuhluleka ukuhambisana nemigomo yezokuphepha, kusho umsizi kakhomishana wamaphoyisa uGazi Rabiul Islam.

Umlilo uqubuke ngoMgqibelo efemini, kwashona abasebenzi abayisikhombisa kwathi abangu-15 balimala.

U-Altaf Hossain, nongubaba wesinye sezisulu, uvule icala emaphoyiseni ekhala ngokuthi isango lokuphuma uma kunezimo eziphuthumayo, belikhiyiwe ngesikhathi kuqala lo mlilo.

NgoNovemba, kwashona abasebenzi abangu-112 ngesikhathi kuqubuka umlilo efemini ekhona eDhaka, nokwavusa imibuzo ngokuphepha kwamafemu eBangladesh.


 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- Sapa - AFP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-24°C Sunny. Mild. Pta: 14-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-25°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 12-26°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 19-26°C Widely scattered tstorms. Afternoon clouds. Mild. PE: 15-20°C Passing showers. Decreasing cloudiness. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...