Kuboshwe 2 ngokufa kwengane eChina

2013-02-07 12:03

Beijing - Izwe laseChina selivalele abantu ababili ngemuva kokufa kwengane yomfana enezinyanga ezingu-13 ubudala neshayiswe yimoto, esigamekweni esidine abaningi ezinkundleni zokuxhmana ngoLwesine.

Kulesi sigameko izikhulu ezingu-11 bezinombango nomndeni – ovele unamadodakazi amabili – eRuian empumalanga nesifundazwe saseZhejiang, befuna ukhokhokhelwa inhlawulo ngokuzalwa komfana osenezinyanga ezingu-13, ngoba umthetho wezwe uthi umndeni mawube nengane eyodwa.

Akucaci kahle ngesimo esenzekile, njengoba abezindaba iXinhua becaphune ubaba womfana okunguChen Liandi ethi ingane iwiswe phansi ngesikhathi kuqhubeka ingxabano nabasebenzi ngakho yena wangakwazi ukuyisusa endleleni yemoto.

"Bebefuna sikhokhe u-30 000 kuya ku-40 000 yuan ($4,800 kuya ku-$6,400), uma kungenjalo bebezosivalela,” kucashunwe uChen esho kanje.

Isikhulu seCommunist Party sasendaweni, isibongo saso okunguBai kanye nomshayeli okungu Cheng baboshiwe ngezinsolo zokwenza icala, kusho umbiko, ucaphuna uhulumeni wasedolobheni iRuian.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- Sapa - AFP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-20°C Sunny. Mild. Pta: 6-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 4-18°C Sunny. Mild. Bloem: 3-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 10-25°C Sunny. Mild. PE: 15-26°C Sunny. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...