Kubhekwe umnyama ongenafu ngeSyria

2012-11-29 10:01

Damascus - Esikhathini esingaphansi kwamahora angu-24, amavukelambuso asebenzise izikhali ezisuka phansi ziye phezulu ukudubula amabhanoyi amabili enyakatho yeSyria, nosekujike izinto empini yabo namasosha kaMengameli uBashar Assad.

Kusukela ngoJulayi, uhulumeni waseSyria ubusebenzisa amabhanoyi ezempi ukulwa nababhikishi.

Amabhanoyi amasosha ezempi abelokhu eqhubeka nokubhomba izindawo ezingaphansi kwamavukelambuso kukeliya lizwe, nokubeke izibalo zabalimele phezulu.

Kodwa ngoLwesithathu ekuseni, amavukelambuso adubule ibhanoyi lezempi esifundazweni i-Aleppo, kusho intatheli ye-AFP.

Ibhanoyi lezempi liphahlazeke ngemuva kokudutshulwa, kusho intatheli ebisendaweni engamakhilomitha ambalwa ukusuka kule ndawo.

Osukwini lwangayizolo amavukelambuso adubule okokuqala ibhanoyi lezempi.



 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- AFP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-21°C Morning clouds. Mild. Pta: 14-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-24°C Sunny. Mild. Bloem: 12-24°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-23°C Rain showers. Breaks of sun late. Mild. PE: 15-22°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...