Kube nokunye ukuhlasela eSyria

2012-12-03 14:04

Beirut – Amasosha aseSyria aqhumise amabhomu eningizimu nesifuda senhlokodolobha ebusuku njengengxenye yawo yokukhipha amavukelambuso eDamascus, kusho izingqapheli ngoMsombuluko.

Izingqapheli zamalungelo abantu eSyria, iSyrian Observatory for Human Rights, zithe ukuhlasela bekubhekiswe ezifundeni zaseHajar al-Aswad naseTadamun kanye nalapho okuhlala khona abantu basePalestine, eYarmuk, enigizimu yeDamascus.

Amasosha aphinde ahlasela eYabrud enyakatho, eYalda eningizimu kanye namadolobha asempumalanga yeGhouta, iDouma, Harasta, Irbin neHaran al-Hawamid, umgwaqo ohlanganisa iDamascus nesikhumulo sezindiza.

Amasosha adlelana noMengameli uBashar Assad azama ukwenza umngcele ngazo zonke izindlela eDamascus, njengoba esenze lesi sifundazwe esinye sezihamba phambili ngodlame kuleliya lizwe selokhu kwaqala izinxushunxushu ezinyangeni ezingu-20 ezedlule.



 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- Sapa - AP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-19°C Sunny. Mild. Pta: 1-19°C Sunny. Mild.
Jhb: 0-14°C Sunny. Refreshingly cool. Bloem: -1-15°C Sunny. Refreshingly cool.
Dbn: 14-19°C Mostly sunny. Cool. PE: 10-16°C More sun than clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...