Kubanjwe inkunzi isitolo sama-computer
2013-01-02 13:02
Paris - Abaphangi abebehlomile bangene esitolo i-Apple Inc maphakathi neParis ngosuku olwandulela unyaka omusha, bathatha izimpahla ezingabiza ngaphezulu kwesigidi samadola, kusho amaphoyisa ngoLwesibili.
Lesi sigameko senzeke ngezithuba zabo-22:00 ngoMsombuluko, sekusele isikhashana kushaye isikhathi sokuvala kwesinye sezitolo ze-Apple eParis Opera.
Isitolo sithengisa ngama-computer awubutshetshe ahlanganisa nama-iPhones nama-iPads kuya kuma computer angama-eMac.
Amaphoyisa anqabile ukuphawula ngemibiko ethi izigebengu zishaye zachitha nempahla elinganiselwa ku-$1.32 million, athi asahlola umonakalo.
UChristophe Crepin wamaphoyisa e-UNSA utshele izintatheli ukuthi abalisa abane abebezifihle ubuso behlomile, bangene esitolo ngenkani, bathatha impahla gaphambi kokuthi babaleka ngeveni.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela Izindaba News24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).
- News24