Izinsolo ezintsha ngoRob Ford

2014-01-30 14:04

Toronto - IMeya yaseToronto ekhungethwe yizinkinga uRob Ford umangalelwe yilowo owabe eyisoka likadadewabo ngokwakha itulo lokuba ashaywe ngesikhathi esejele ngenhloso yokuba amvale umlomo angakhulumi ngendlela ayeziphethe ngayo.

Amaphepha ecala afakwe nguScott MacIntyre ngoLwesithathu athi imeya iyona eyenza ukuba ashaywe ngesikhath i esejele laseToronto ngoMashi 2012 ukuze uMacIntrye angawuvuli umlomo ngodaba lukaFord lokuphuza ngokweqile nelokudla izidakamizwa.

Amaphepha athi uMacIntrye wasatshiwa ngokuthi lukhulu oluzomehlela uma engadalula lolu daba.

Wayesejele ngecala lokusabisa imeya, ngemuva kokuba eyitshele ukuthi uzokwazisa umphakathi ukuthi uphila impilo enjani.

UMacIntrye uthi uFord wakha itulo noPayman Aboodowleh, oqeqesha ibhola noFord, lokuba bathole omunye owayengumdlali wabo, naye owayesejele, ukuba ashaye uMacIntyre.

Ummeli kaFord, uDennis Morris, uthe izinsolo  "zingamanga futhi azinasisekelo".


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter





- AP

Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-21°C Sunny. Cool. Pta: 20-30°C High level clouds. Warm.
Jhb: 18-25°C More sun than clouds. Mild. Bloem: 13-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-20°C Passing showers. Mostly cloudy. Cool. PE: 14-22°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...