Izimvula ezinkulu zibulale 34 ePakistan

2013-02-06 14:03

Islamabad - Izimvula ezinamandla zibulale abantu abangu-34 ePakistan, ikakhulukazi enyakatho ntshonalanga yomngcele ne-Afghanistan, kusho izikhulu ngoLwesithathu.

Isifunda esikhahlamezeke kakhulu iKhyber Pakhtunkhwa esisenyakatho ntshonalanga, nokuyilapho khona lezi zimvula ezinamandla zangeSonto kuya kuLwesibili, zidlule nemiphefumulo yabangu-25 kwasala kulimele abangu-57, kusho ababhekele izinhlekelele esifundazweni.

Kuphinde kwabikwa ukuthi amasosha amathathu adukile ngemuva kokuhlaselwa kwesithwathwa.

Bangu-8 abantu abashonile maphakathi nesifundazwe sasePunjab, kusho uShahzad Abbasi, okhulumela abezinhlekelele ePunjab.

Kushone oyedwa kwathi omunye walima ngesikhathi beshaywa umbani khona ePakistani, eKashmir, kusho isikhulu soMbuso, uShahid Hasan Malik.

Izwe lasePakistan lihlaselwe yizikhukhula ezikhathazayo kule minyaka emithathu eyedlule, kuhlanganisa nalezo ezihlasele ngo-2010 ezingakaze zabonakala emlandweni, zashiya kushone cishe abantu abangu-1 800 kwathi abangu-21 million zabashaya kabuhlungu ngezindlela ezahlukene.


 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- Sapa - AFP

Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-19°C Rain. Morning clouds. Pleasantly warm. Pta: 18-33°C Mostly sunny.
Jhb: 17-27°C More sun than clouds. Bloem: 16-33°C Rain early. More sun than clouds. .
Dbn: 19-24°C Rain late. More sun than clouds. . PE: 17-22°C Afternoon clouds.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...